Le nkonzo itholakala kubantu abadinga ukuthola isiqiniseko ngesimo sabo kwezobugebengu, ngoba befuna ukulishiya leli baye kwelinye izwe, noma befuna ukuyosebenza kwilizwe langaphandle isikhathi eside.
Isitifikedi sizokhishwa sichaze ukuthi ngabe kukhona yini amacala obugebengu arekhodiwe ngomenzi wesicelo.
Nikeza ngezigxivizo zayo yonke iminwe yakho, ezizothathwa esiteshini samaphoyisa esiseduzane nawe, kwabe-SAPS Criminal Record Centre. Qinisekisa ukuthi amagama akho agcwele, isibongo, usuku lokuzalwa, indawo owazalelwa kuyo, kanye nenombolo kamazisi kufakelwa kwifomu leminwe.
Hamba nomazisi wakho esiteshini samaphoyisa ngoba kuzofuneka ubufakazi bobuwena.
Sicela uqaphele ukuthi ezinye iziteshi zamaphoyisa zamukela izicelo ngamahhora okusebenza kuphela.
Izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezihlala ngaphandle kwezwe zingenza izicelo eziteshini zamaphoyisa kulawo mazwe ezikuwo noma kumanxusa eNingizimu Afrika . Imigxivizo yeminwe ingathathwa kwifomu eligunyaziwe lalelo lizwe. Ifomu lemigxivizo yeminwe kumele lisayinwe yilowo muntu okuthatha imigxivizo yeminwe. Imigxivizo yayo yonke iminwe kanye nekhophi likamazisi lomenzi wesicelo noma ipasipoti, lokhu kumele kuhambisane nesicelo.
Isitifikedi sokuba msulwa sizokhishwa mahhala, uma sicelwa kungakapheli izinyanga eziyisithupha zesicelo sokuqala. Ngoba izitifikedi zigcinwa kumarekhodi izinyanga eziyisishagalolunye kuphela, kumele kwenziwe isicelo esisha ngemuva kwezinyanga eziyisishagalolunye.
Ukukhishwa futhi kungakapheli izinyanga eziyisithupha kwenziwa mahhala.
Amafomu afanele okugxivizwa kweminwe agcwaliswa yisikhulu sephoyisa.
